Surnames
Category: E
- ESTER
- Elphus
- Elphusmabunda
- Evans
- Effective and approved lost love spell caster +27625413939 spiritual healer inBordentown, Bound, Brook, Bridgeton, Burlington, Caldwell, Camden, Cape, May, Clifton, Cranford United Arab Emirates, United Kingdom, Uruguay, USA
- All Surnames
By: Sipho Sithole
Thole, Jobe, Mondise, Maphitha, Ophith’ abanye ngokuphithizela. Mthembu wase Gubazi, Mnyanda, Nkonyane yenkosi, Gubazi, Msongi. Msongi wensimba ayibek' ekanda ngoba ethi amagwala azombalekela. Matshana. Mhlakazi’ nhlansi zinga mshisi. Ziyoshisa abalondolozi. Ngqikazi ka Gabela. Nkonyane yenkosi. Zitsha zimnyama zingamankankazane. Nyama ka Magoqo abayidla beyidonsisana phezukomfula u Mzinyathi. Nina baka Mgidi wekhohlwa. Nina baka Mthakazelwayo. Nina baka Mqolo Owadl' omuny' mqolo. Nina baka Didiz' umkhaba. Mkhomb' owadla' eminye' imikhombe. Lwandle' oluhambezintabeni. Bhande lokuzibopha. Phumela phandle ngoba kufudumele ungaze ube nomngandeni. Nina base Qhudeni. Jozana Olubomvan' olundakandakakana. Qomond' olumantinyane, Olubuk' umuntu lumethembise sengathi luzomakhel' umuzi kanti phinde. Nina bethole intshwabadeyane. Mthiyane Sonomo. Nina baka Mkhawozi owakhawuz' amadod' akhawuleka. Nkomankoman' ekhawuz' abalondolozi. Nina baka Nyawo' zimthende zimthendelezi. Ngweny' edlel' ohawini. Nina base Nyongweni. Chakijana ka Gezindaka, Suka bekhuluma. Bhande ka Mtshiba. Mahamba. Ngokuhamb' uyeSwazini. Luhuluhulu. Nyokeni. Nina base lenge. Nina enabulala abathakathi nje ngo Shaka nadlula nawel' uThukela. Nina bakwa Mgcwayiza oyinsimba. Ongahlulwa yint' engakhulumi. Thole!
By: Sipho Sithole
Kwenzeka kanjani ukuthi kuthiwe: "Jobe kaMatshana" kanti uJobe wazala uMatshana na?
By: Wakahina
Nkundlande, Jobe Kamatshana, Mondise,Maphitha, Mthembu waseuNgqikazi kaGabelaMsong' wensimbi ay'thwale khanda ngoba ethi amagwala ezombalekela.Obhande lokuzibopha.Nina enadla inyama phezu' koMzinyathi niyidontsisana,Mnyanda nina enavela ezinyandeni .Nina bezitsha ezibukhazikhazi, onsini ezimnyama
By: Faneleh Sithole
Mthembu waseGUBAZI #correction
By: hlengiwe sithole
mina ngyacala ukuzizwa lezi sizan bo
By: Thabani Sithole
Ngsacela lona owazibhala kukhona ulwazi engiludingayo kuye please
By: Samkelo Sithole
Like (y)
By: Samkelo Sithole
Like (y)
By: Samkelo Sithole
Like (y)
By: zethu sithole
cha cha azisho kanjena ezakithi