ZWANE

Clan Praise(s)

  • ZWANE: lindamkhonto; yeb yeb boya besilwane; mafu awalingani phansi naphezulu;zikode eZWANE

  • Cebekhulu, Nsele, Mangethe Zikode kaPhikela, Ndiweni, Mbambo (Izimbambo), Mafu, Vezi, Mthanti, Zwane... Wena Wasetsheni, UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane, Edla im'hlambi yezinkomo zamadoda, Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele, Bathi uZwane udleni kwaMtambo? Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,Ntshosho! Wena kaMafu kawalingani,Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo, Ntsele kaLinda kaMkhonto, Awungilinde ngilande ezami eZungeni, Mthanti, Nduna ngokuthwal' isila sensele, UNtsele kangakanani, Ngoba nasothini lomkhont' angahlala.Isikhova singathi, "hhi" sibona imihlambi yezinkomo nabantu, Nin'enadlel'encazeni, Nin'eniphakel'umyeni odengeleni, Ngoba ningabenkosi. Zikode kaNdabansele, Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu, Mangethe, Nina bakaVezi Owadl'isihlahla njengengwababane, Zwane, Phikela wengwe, Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka, Mandaba, Ukub'uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani? Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, Ezathi zidl'ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho, Nina BaseMangweni!Bentungwa basenhla abehla ngesilulu, Mbengo owesinda abosi, mbambo kazibalwa zibalwa abazaziyo, mbambo ziyimizi yamavimbela, uZwane akadlelanga phansi ndlangasushwana ngokudla amaNdebele, Mungwe Mkhulu kwabasenhla, Phikela ngokuphikela izinkomo zamadoda, Zikode kaNdabakansele, Nsele kangakanani ngoba nasothini lomkhonto anganela nasentendeni yesandla anganela nselenduna ngokuthwala isilo sensele nsele kalindamkhonto ngilinde ngithathe ezami izikhali, Mafu kawalingani aphansi naphezulu ngoba aphezulu angubongubo, nyanga yezulu, mahlaba aythwale ongashiyeli amanqe, wena owashikilisana nomfula ubheke eDlomodlomo Nkonjeni, Mangethe omnyama ondlela zimhlophe ohlehle nyovane eNtendeka ngoba ngemuva esaba amanxeba lapho iminyango yayingasavalwa yayisivalwa ngamakhanda amadoda, umvezi wamabala ngokuveza ingwe emabala. Inkawulamanzi yakomashoba nomfazi owayengawaphuza wayengazazi ezakhe Mntakamame masambe siye eswazini lapho amakhosi akhona engasayikufa eseyogongobala nalapho izalukazi zakhona ziyofa ngokuluphala lapho amabele akhona eyzithingithingana. Wena owafundisa izizwe ukulima ngesiphanga senkomo kaLodunga owadunga izizwe eMgungundlovu Ntshosho kaMangethe zalakujengwa zinkomo zasemaphiseni Phisi elingankomo. UCengesi uwele income amanzi eNcome adabuka phakathi, usomdlebe inkonjane yakwethu eyadukela ezulwini, iqhina elidla liguqile phakathi kukaFuduka noZikalala abazingeli bazigodla izagila zabo zigodlwe uDangazela kaNhlaka zagodlwa uMbikwana kaMavelaNina bakaThinta kaCengesi isinxadi sakithi kwaMnungu intethe egijime egumeni kithi kwamnungu umhlazimamba wakithi kwaBulawayo, nina bethole lensizwa uMasiwula umasheshisa wenkunzi, uDumisa ingonyama ubhojwana lesikawana. Nina bakankanyezi zezulu eliphezulu umgangadi wezindlela ezibheke esikebheni inyoka kadumisa engenamathumbu. Inkanyezi eyakhanyisela abakwaMabaso indlela eya ezulwini, zakhala izalukazi zakwaMabaso zathi awu senzani emangweni zibona amadoda azo egone amathumbu zakhala nezakwaSithole zathi awu senzani eMangweni zibona amadoda azo egone amathumbu ujojo dlan wedwa abanye ojojo bedla ngababili, nina bakaMhlanganyelwa inyokana kaNdaba enamehlo ayzimpondo nina bakaNtshosho imvukuzabe ebheke phansi. Zikode! Wena Wengwe! Nengonyama!

  • ZwaneMangetheLinda MkhontoUmafa avukeZikode kaPhikelaUZwane akadlelanga phansiWadlela emkhombeni WezinyamazaneEdla im'hlambi yezinkomo zamadodaNdlangashushwana ngokudla amaNdebeleBathi uZwane udleni kwaMtambo?Kuthiwa udle izinjana zimbiliZigcwele umdakana!Ntshosho!Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezuluNgoba aphezulu angubo ngubo!Ntsele kaLinda kaMkhonto! Awungilinde Ngilande EzamiMthanti!Nduna ngokuthwal' isila sensele!UNtsele kangakanani,Ngoba nasothini lomkhont' angahlala. Nin' enadlel' encazeni!Nin' eniphakel' umyeni odengeleni,Ngoba ningabenkosi.Zikode kaNdabanseleMabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezuluNina bakaVeziOwadl' isihlahla njengengwababane!Zwane - Phikela wengwe - Nselenduna nina base tsheni lase NtshentekaZwane - Mandaba, Ukub' uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl'ubhoqo kanti ziyawuhlakulelaNtshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodakaMangethe omakhandakhandaNina baseMangweniZikode

Selected Category: Z

Surnames