VUMIZITHA

Clan Praise(s)

  • Ngidi     AbakwaNgidi :::: Abantu bakwaNgidi bangaManguni angamaLala ngokwezigaba zobunguni. Phela abantu bakwaNgidi baphuma ozalweni lukaVumizitha wazala abakwaNgcobo. Abantwana bakaVumizitha abaziwayo uNgcobo, uMkheshane kanye noNgidi. Akucaci ukuthi balamana kanjani kodwa siyazi ukuthi kungenzeka ukuthi bazalwa omama abahlukene. Umlando uyakuveza ukuthi uVumizitha wayeliqhamukisa kwelakwaMthethwa kodwa wazinza kwelaseNkandla. UNgidi njengezinye zezingane zikaVumizitha wakhulela khona ezintabeni zaseNkandla.Kunemibono eyahlukahlukene ngempilo kaNgidi; abanye bathi kwathilapho sekufanele kubekwe umuntu ozophatha abantu, uNgidi wahambawayogeza emfuleni isikhathi eside. Kuthe esahambile kwabekwa uNgcobo ukuba aphathe abantu. Kuthiwa yikho uNgcobo ethoshwa ngokuthi‘Ngcobo omkhulu’ ngoba wathatha isihlalo sobukhosi kanti kuNgidi kuthiwa ‘Ngid’omhlophe’ ngoba wachitha isikhathi eside egeza emfuleni.UNgidi wabe esejokola esehamba, engaselutho. Kuthiwa ngokubona leso sigameko base bemxoshisa ngohlangothi lwenkomo okwenza ukuba babe oHlomuka ngoba bahlomula uHlangothi lwenkomo.Okunye okuvelayo ngoNgidi okufakazelwa yibo bonke abantu bakwaNgidi ukuthi wayenolwazi olunzulu lwamakhambi. Wayelapha abantu abaningi,ikakhulukazi laba ababengamakhosi. Kuthiwa uNgidi wahletshelwa ngabantu ukuthi uzobulawa ngoba esize imbangi yenkosi. Kuthiwa lowomuntu wathi, 'Bophela mfo kaNgidi, bayeza bazokusoconga ebusuku'.Kuthiwa ilapho-ke kwavela khona isibongo sakwaBophela. Endaweni yaseMakhabeleni eKranskop kuthiwa kade sikhona lesi sibongo sisetshenziswa kakhulu amadodakazi akwaNgidi. Bathi uBophela wasetshenziselwa ukudusa umkhondo ngoba bawela uThukela bebalekela izimpi ezazibheduke eNkandla. Kanti eGingindlovu bathi uBophela isithakazelo esavela ngesikhathi ukhokho wabo uNovela ebophele izinkomo zabantu wahamba wayolima ngazo engazicelanga. Izithakazelo zakwaNgidi Jikelele Ngidi , Hlomuka Bophela Dlokwe lwendlovu Mlalazi kaNoxhaka Mnguni Khuzwayo Izithakazelo ngokwezindawo ENdonyama : Ngidi Hlomuka Mlalazi kaNoxhaka Makhubula ngembiza yotshwala Dlokwe lwendlovu Ulaka olwathengwa ngembuzi emhlophe Nina enigeza ngenhla Abanye bephuza ngezansi EHarding:: Ngidi , Hlomuka, Bophela Mlalazi kaNoxhaka Ludloko lwendlovu Smnyathuza Mnguni Mnguni kahambi ngendlela UMkhwenyana kahlathi Wena lulaka lwathengwa ngembuzi Naleyo mbuzi kwakuyimpongo ENcwadi : Ngidi , Hlomuka Bophela Mpongoz'emhlophe Mashwini Shongololo Mthomb'owaqhum'ezintabeni sawukhasela Impondo zasala eGolokodo Nosham'odl'umsingizane Ludloko lwendlovu Xam'oququd'umsingizane EMvoti :: Ngidi , Hlomuka Bophela Mlalazi kaNoxhaka Ludloko lwendlovu Nomasikisiki inyoni esindwa isisila sayo KuMbumbulu : Ngidi , Hlomuka Mnguni , Khuzwayo Ngcumbela Mlalazi kaNoxhaka Ludloko lwendlovu EMkhambathi :: Ngidi , Hlomuka Mnguni , Khuzwayo Godukela bheceni Mafuyanduna Mthiya Nakanaka ngiyasala Mgungudi wamadoda Ngubende EMzinyathi : Ngidi , Hlomuka Mlalazi kaNoxhaka Fuyana ofuy'izinkomo abanye befuya izinja Hlamba ngenhla abafokazane behlamba ngezansi EMakhabeleni : Mazinga, Mnguni, Hlomuka Nina bakaNyama yenyamazane aniyidli Udl'intenesha Nina bakaMnguni kakhokhobi Njengosobhaciya Bhadama Mahlinzela abahlinzela ngayizolo EGingindlovu Ngidi , Hlomuka elihle elimhlophe Ngqibela ngenungu abafokazana bengqibela ngezithwana zabo Sishungu sezulu Bophela owabophela izinkomo zamadoda Nkomazana wena wenkomankoma ekhanga abalondolozi Novela , wena kaNqandlani ngalena kwentaba Wena weLala elalala nomunwe endunu Lavuka lancinda lakhwifa ilanga, kwasa koma umunga Ndondo kaMandiza kaNdolongwane

Selected Category: V

Surnames