PHUNGWAYO

Clan Praise(s)

  • Phungwayo, Mhlongamvula (Mhlangamvula), Banamanga bengqaki bokuthenga bantu bathi umhlonga mvula udilikile kanti ukhona!  Amavulane aseshashalazeni akwa Dunga ayizele kaLudonga! Dungabanathe! Dilika uzibone Mhlongamvula! Imvula iyanetha! Inetha ngomkhizo, ivinjwa ngokhopho. Nkophe zimawakawaka! Wena wesibindi asibengwa, sibengwa abafokazana, inkomfi ayithambi! Wena ongadingi abasengi wajwayela ukuzenzela! Ungu Mxolakazi!  Mkhonto odumayo! Sihlangu sakucala! Bathi, aligwazwa ngabafazi ligwazwa ngamadoda wenkomo zamagayela wamagayiza! Hadahada, Mvimbi!Mlotshwa, Mhayise. Jojolozana!

  • 1. Mlotswa dunga banathe mhayise wena wasenjotsweleni, awuwaphuzi amanzi ungawadunganga2. Amamvulane ase shashalazeni akwa Dunga ayizele kwa Lethonga. Dilika uzibone Mhangamvula. Banamanga umabathi u-Mhlangamvula udilikile. Bathi aligwazwa ngabafazi ligwazwa ngamadoda wenkomo zaMagayela waMagayiza wama-Swazi. Phungwayo.

Surnames