NTSIMANGO

Clan Praise(s)

  • Ivila elidla amabele ezikhuthali. Inkosi etshala uhlamvu lumile ngalesosikhathi. wena ka Josefa wena ka Luwelile wena ka Mawala uzulu liyasa liyasibekela

  •   Ntsimango, Nomfolozi, mkhondo kawulandwa, wena othi ukuya phambili ukuya emuva, nduku zinobulongwe, maseng'asileke, Masumpa obamele njengomthakathi ezimpini, wena owaphambana nenkomo iyolumba, singabaka Tshani(bezwe) buyizife ezimpini, isizukululwane sika Josefa, sika Luwelile, sikaMawala, Ngwane kaNgwadi, Zikhali ezingafani nezabafokazane. singabeGwalagwala lakithi uMatiwane iNkosi etshala uhlamvu lumile ngalesosikhathi. Uzulu liyasa liyasibekela,  Sangweni, sangwelibanzi elingawelwa, liwelwa zinkonjane. Singabegwalagwala elimadolo abamvu uMatiwane owatshala uhlamvu lwamila ngaso lesosikhathi... Elakha ikhasi laMambo uMthimkhulu  

Selected Category: N

Surnames