NKWAKHWA

Clan Praise(s)

  • Ndosi. Magaye omnene, Khumbuza, Nkomisengw'ilele ngoba mayimi iyabhakela! Vico akagezanga wabuya nensila emfuleni.Dubandlela. Mkhokheleli kaLanga, kaZwana, kaSodi, kaNqumela, kaNyambane, Mande, Nj'emathambothambo engachemi nezitha, Xamu odla umsingizane, Squng' esihle esizalela amasakabuli, Sqandu uyavuvula (oCele banolaka futhi bakhuluma amazwi ahlabayo), Zibula, Mbutho, Xabhashi, Manzolwandle. Cilo owahlala emhlangeni qede umhlanga wathoba. Ekulandeleni umlando, ONdosi yibo phela abaluleka iLembe ukuthi inkomo (intombi) mayisengwe (mayeshelwe) ilele (ithobile). Lokhu kusho ukuthi izintombi zakwaCele zinolaka ngakho kufanele ube namasu okuyithobisa uma uyeshela. UVico ubuya nensila emfuleni nje, ingoba phela oCele babegeza ngobisi abafokazana begeza ngamanzi. History Empeleni sisuka ngaphesheya komfula uThukela lapho ubabomkhulu wethu kwabe kunguMfece Cele elinye lamaqhawe akwaZulu elalizingelwa ngamabhunu efuna ukulijuqa. UMfece wabe enezingane ezimbili (uNg'qomile kanye noMabhubhubhu), ngenxa yokuthi uMfece wayefunwa ngamabhunu wakhetha ukusindisa impilo yezingane zakhe ngoba wayebona ukuthi uma amabhunu emthola ayezoqotha imbokodo nesisekelo. UNg'qomile kanye nodadewabo ngokomyalelo kayise bawela uThukela. Ngesikhathi bebewela uThukela uyise wabaxoshise ngesithole. UNg'qomile wayehamba embince ithawula ukuze kungabonakali ukuthi ngumuntu wesilisa kwazise phela nanka namabhunu ayeseqalile naye ukumlandela. Ohambeni lwabo eceleni kukaNg'qomile kwakunenyona iNkwakhwa eyayihambisana nabo nokwathi uma befika emfuleni uThukela yabakhombisa izibulo lomfula ngokuthi kuqale kuwele yona, kwalandela inkomo nabo base beyawela. Ngaphesheya komfula bafikela emzini wakwaLushozi. Ngaso sonke isikhathi kwakhukuthi uma uNg'qomile eya kolusa lenyoka yayihamba naye kodwa kuthi uma usefike kwaLushozi bese ijika esangweni ingangeni. Ngemuva kokuzwa ukuthi amabhunu abese sezithendeni zakhe uLushozi wathi kuyena kuzomele athathe isibongo sakhe ukuze kuzokuba lokhuni kumabhunu ukuthi amthole. UNg'qomile wanqaba wathi okungenani uzozibiza ngenyoka, kusukela ngalelo langa wazibiza ngoNkwakhwa.

Selected Category: N

Surnames