By: Amos Nhlapo All this are from the book uNhlapo Nezakhe, tell me if you need to hear more 0765646329 Sharp The Nhlapo's Share
By: Amos Nhlapo E Mbonane, E Mwelase, E Sigegede, E Nongombili Izigegede zakwa –Mathole Ezadla umka-dadewabo Zathi kananyongo kanamhlehlo, Umhlehlo ngu-Bhabhakazi. ”Mabekwa ngegazi”. ungumanxeba aludwendwe njengomthimba ezingaweli ngezibuko eziwela ngesihlengele somfula” Izibongo ezingo-Mpisikazi. Nxa ngibheka uNtabande, Nxa ngibheka nay’uMbhango Nxa ngibhek’eMadlangeni Nxa ngibhek’amaw’amhlophe, Nxa ngibheka nay’imihhoma Amehl’ami abangamachibi. Umpisikazi lo engimi kuye Umpisikazi lo ongicingisayo, Umpisikazi lo ongililisayo Uphumile kwezethu izandla; Uphumele kwezasemzini, Basabalele abangabakhe. Umpisikazi isidleke sezinyoni Izinyoni zika-Mbonane noMwelase; Izinyoni ziyabuyela esidlekeni Zibuyele sezikuphethe okumnandi, Zika-Mbonane ziyanqatshelwa Zika-Mwelase zigcwele umhlaba. Sasimunye kwa Mpisikazi, Sasazana kwaMpisikazi, Sasiphuthana kwa Mpisikazi Sasisizana kwaMpisikazi Sasiyinyanda kwaMpisikazi Sasiyinkatha kwaMpisikazi Mayibuye imihhoma yethu Mawabuye amaw’amhlophe Mababuye oNtabande noMbhango. Lidliwe elenu elihle, U-Zion wena akasenakubuyelwa U-Mecca wenu mncameni nimdele. Asho njalo amagwala, Asho njalo amavaka, Asho njalo amabuka. Masimkhaleleni u-Zion wethu, Masibemunye sazane, Masiwange amakhosi ethu Masibambane ngezandla Sakh’indonga zikamoya. UMpisikazi ongumoya. Share
By: Amos Nhlapo 2 Phezu Kwethuna lika-Mama. Naku lapha ngimi khona Naku lapha ngikhalayo Naku lapha elele khona U-Phahlakazi okaMdingi U-Mdingi oka-Khabangobe, U-Khabangobe oka-Maphanga. Nxa ngiphezu kwethuna …. Ngiphezu kwethuna lakho, Ngikhumbula eyadlulayo Eyakeyabakhon’imihla, Nxa wabangumthi wethu, Nxa wawusihlangu sethu. Sokuphela nje, ntombi ka-Mdingi na? Buphele nya ubuso bakhe na? Lithule nya izwi lakho na? Thina abakholwayo sithi: Hhai Sobuye sibonane kwelizayo Singasoze sibuye sehlukane. Lala phahlakazi lala. U-bakhulisil’abant’abakho, Athi amaBhunu Ozoyigwabula uyakuyizuz’indaba. Wafika umtaka Ndaba wayigwabula, AmaBhunu awethwala umlomo. Bantu gijimani ngazo zonk’izindlela, Niyotshela abantu, Ukuthi uMagadlela AnoMakhunga Nyathikazi-a-Mlambo, Ukuthi umtaka Ndaba Useyekele insangu notshwala, Sowuqaphele ukubusa nokumangala Ngokukhalela intandane Zikayise ezasalenkambeni. UMadabulimpi kabili Wayinika iDzigwane Wayinika iSibothwane Kwabuya imikhonto Kwabuya izibhamu; Asazi izophela nini. UZulu laduma emahlathini eGoda, Laduma lawuphambanisa umbani, Lamwalaza uSinandi Lamyekelela ukwaliwa nokuvundana Khula mtaka NaCindi Uyindlandlama uyisiminya Uyinkanyezi ethwasel’eMpumalanga. Wena mpondo zamil’ekatini Noma zazimile enkomeni Kwakuya kuzwakala. Wena ngqwabi zihamba amahonyahonyana. Wena nkomo zabala umbala wonkana, Ngoba zabala ubunkonekazi Zabala ubuwasakazi Zabala ubuhlophekazi Zabala ubumpevukazi Zabala ubunzimakazi. Share
By: Amos Nhlapo E Mbonane, E Mwelase, E Sigegede, E Nongombili Izigegede zakwa –Mathole Ezadla umka-dadewabo Zathi kananyongo kanamhlehlo, Umhlehlo ngu-Bhabhakazi.”Mabekwa ngegazi”.ungumanxeba aludwendwe njengomthimba ezingaweli ngezibuko eziwela ngesihlengele somfula”Wena Mlambo-a-Mavundla Mveli ka Mavundla noMdlasomo UMfutshane ungubo-zinyathelwayo Ingane nezabade ziyanyathelwa Kwabo-Mveli akuvalwa ngomvalo Kuvalwa ngamakhand’amadoda. Wena wakwa-Nonhlanhla; Isiboshwa ngamagoda siwadabule; Isihlahla sika-Mdlasomo Babasigawula siwaqand’amazembe Waya wazidla eDlomadlomo KaNdlovukayisitheli. Zaya zabuya naMagunya NeziNtethe naManqoba Anqoba iZinyathi zikaMswazi. Esinye sezithakazelo zakwa Nhlapo from the book UNhlapo Nezakhe Share
By: Johannes Oliphant Nhlapo Nhlapo .... S'gegede .... Nongombhili! Ingabayinye, weza nonima! Mabulal' umuntu am'hleke, athi, "Ngibulel' okukhahlambana". Ndaba .... Dub' elimthende Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana UMathunzi-made okwensim' yelala! UMagotshw' egotshiwe kwabakwaMlambo! Wena kaMavundla ...! Mbhonani ...! UMwelase ngokuwela iMpofana noThukela! Mwelase ongaweli ngezibuko .... owawela ngezihlengela zomfula UMadl' umkadadewabo, athi, "Akanamhlehlo! Onomhlehlo nguBhabhakazi!" UMsongansimbi ayibek' ebunzi khon' amagwala azombalekela. KwaNhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda. Mlambo! Nina bakwaMveli! Share
By: MBADALA EDWIN NHLAPO NHLAPO SGEGEDE WENA OWABULALA UDADEWENU UTHI UNOMHLEHLO KANTI UMHLEHLO WAKHE IBHABHAKAZI,MAGAZI NONGOMBILI, MBONAMBI..... Share
By: Amos Nhlapo
All this are from the book uNhlapo Nezakhe, tell me if you need to hear more 0765646329 Sharp The Nhlapo's
By: Amos Nhlapo
E Mbonane, E Mwelase, E Sigegede, E Nongombili Izigegede zakwa –Mathole Ezadla umka-dadewabo Zathi kananyongo kanamhlehlo, Umhlehlo ngu-Bhabhakazi. ”Mabekwa ngegazi”. ungumanxeba aludwendwe njengomthimba ezingaweli ngezibuko eziwela ngesihlengele somfula” Izibongo ezingo-Mpisikazi. Nxa ngibheka uNtabande, Nxa ngibheka nay’uMbhango Nxa ngibhek’eMadlangeni Nxa ngibhek’amaw’amhlophe, Nxa ngibheka nay’imihhoma Amehl’ami abangamachibi. Umpisikazi lo engimi kuye Umpisikazi lo ongicingisayo, Umpisikazi lo ongililisayo Uphumile kwezethu izandla; Uphumele kwezasemzini, Basabalele abangabakhe. Umpisikazi isidleke sezinyoni Izinyoni zika-Mbonane noMwelase; Izinyoni ziyabuyela esidlekeni Zibuyele sezikuphethe okumnandi, Zika-Mbonane ziyanqatshelwa Zika-Mwelase zigcwele umhlaba. Sasimunye kwa Mpisikazi, Sasazana kwaMpisikazi, Sasiphuthana kwa Mpisikazi Sasisizana kwaMpisikazi Sasiyinyanda kwaMpisikazi Sasiyinkatha kwaMpisikazi Mayibuye imihhoma yethu Mawabuye amaw’amhlophe Mababuye oNtabande noMbhango. Lidliwe elenu elihle, U-Zion wena akasenakubuyelwa U-Mecca wenu mncameni nimdele. Asho njalo amagwala, Asho njalo amavaka, Asho njalo amabuka. Masimkhaleleni u-Zion wethu, Masibemunye sazane, Masiwange amakhosi ethu Masibambane ngezandla Sakh’indonga zikamoya. UMpisikazi ongumoya.
By: Amos Nhlapo
2 Phezu Kwethuna lika-Mama. Naku lapha ngimi khona Naku lapha ngikhalayo Naku lapha elele khona U-Phahlakazi okaMdingi U-Mdingi oka-Khabangobe, U-Khabangobe oka-Maphanga. Nxa ngiphezu kwethuna …. Ngiphezu kwethuna lakho, Ngikhumbula eyadlulayo Eyakeyabakhon’imihla, Nxa wabangumthi wethu, Nxa wawusihlangu sethu. Sokuphela nje, ntombi ka-Mdingi na? Buphele nya ubuso bakhe na? Lithule nya izwi lakho na? Thina abakholwayo sithi: Hhai Sobuye sibonane kwelizayo Singasoze sibuye sehlukane. Lala phahlakazi lala. U-bakhulisil’abant’abakho, Athi amaBhunu Ozoyigwabula uyakuyizuz’indaba. Wafika umtaka Ndaba wayigwabula, AmaBhunu awethwala umlomo. Bantu gijimani ngazo zonk’izindlela, Niyotshela abantu, Ukuthi uMagadlela AnoMakhunga Nyathikazi-a-Mlambo, Ukuthi umtaka Ndaba Useyekele insangu notshwala, Sowuqaphele ukubusa nokumangala Ngokukhalela intandane Zikayise ezasalenkambeni. UMadabulimpi kabili Wayinika iDzigwane Wayinika iSibothwane Kwabuya imikhonto Kwabuya izibhamu; Asazi izophela nini. UZulu laduma emahlathini eGoda, Laduma lawuphambanisa umbani, Lamwalaza uSinandi Lamyekelela ukwaliwa nokuvundana Khula mtaka NaCindi Uyindlandlama uyisiminya Uyinkanyezi ethwasel’eMpumalanga. Wena mpondo zamil’ekatini Noma zazimile enkomeni Kwakuya kuzwakala. Wena ngqwabi zihamba amahonyahonyana. Wena nkomo zabala umbala wonkana, Ngoba zabala ubunkonekazi Zabala ubuwasakazi Zabala ubuhlophekazi Zabala ubumpevukazi Zabala ubunzimakazi.
By: Amos Nhlapo
E Mbonane, E Mwelase, E Sigegede, E Nongombili Izigegede zakwa –Mathole Ezadla umka-dadewabo Zathi kananyongo kanamhlehlo, Umhlehlo ngu-Bhabhakazi.”Mabekwa ngegazi”.ungumanxeba aludwendwe njengomthimba ezingaweli ngezibuko eziwela ngesihlengele somfula”Wena Mlambo-a-Mavundla Mveli ka Mavundla noMdlasomo UMfutshane ungubo-zinyathelwayo Ingane nezabade ziyanyathelwa Kwabo-Mveli akuvalwa ngomvalo Kuvalwa ngamakhand’amadoda. Wena wakwa-Nonhlanhla; Isiboshwa ngamagoda siwadabule; Isihlahla sika-Mdlasomo Babasigawula siwaqand’amazembe Waya wazidla eDlomadlomo KaNdlovukayisitheli. Zaya zabuya naMagunya NeziNtethe naManqoba Anqoba iZinyathi zikaMswazi. Esinye sezithakazelo zakwa Nhlapo from the book UNhlapo Nezakhe
By: Johannes Oliphant Nhlapo
Nhlapo .... S'gegede .... Nongombhili! Ingabayinye, weza nonima! Mabulal' umuntu am'hleke, athi, "Ngibulel' okukhahlambana". Ndaba .... Dub' elimthende Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana UMathunzi-made okwensim' yelala! UMagotshw' egotshiwe kwabakwaMlambo! Wena kaMavundla ...! Mbhonani ...! UMwelase ngokuwela iMpofana noThukela! Mwelase ongaweli ngezibuko .... owawela ngezihlengela zomfula UMadl' umkadadewabo, athi, "Akanamhlehlo! Onomhlehlo nguBhabhakazi!" UMsongansimbi ayibek' ebunzi khon' amagwala azombalekela. KwaNhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda. Mlambo! Nina bakwaMveli!
By: MBADALA EDWIN NHLAPO
NHLAPO SGEGEDE WENA OWABULALA UDADEWENU UTHI UNOMHLEHLO KANTI UMHLEHLO WAKHE IBHABHAKAZI,MAGAZI NONGOMBILI, MBONAMBI.....
By: Amos Nhlapo
U ar wrong
By: zelda nhlapo
Sgegede, I like that but can you say them in full i like to know them
By: babongile Nhlapo
Luvuno, Nongombili ukube yinye ngabe ifuze ekhaya konina.