NGCOBO

Clan Praise(s)

  •  ---Shabeni--- Ngcobo, Fuze, Shabeni, Magazi, Makhwakhwakhwa, Mavumezitha, Nina enadla insimu nililela, oNyuswa abanyuswa u Dingan ngokwazi ukuthi amakhosi awabuselani.

    • Ngibingelele,ngithandanda ukwazi ukuthi Umavumezithayena wayezwalwa ngubani,futhi ingaba khona uma ngizibiza ngaye

  • Abakwa Nyuswa (Ngcobo omkhulu):Luthanga lwenabe umFuze lumqedileUnyanda yemfe ephelwa namacuba ayoUdlaba ozicisaUkumba imfece Abakwasibiya ngankomoAbafokazana bebiya ngamahlahlaMpaka ziyaphikisana, enye ithi yimi igosa nenye ithi yiyoYemesi, ka NyuswaMbethe, weqhinaSihayo! Abakwa Fuze (Amaqadi)Fuze  Fuza ' fulele njenge nyamazaneMbiliMashiya amahle engathi azoshumayelaBhelesiFuz'afulele njengezuluAmavula nkungu kuvel' ilanga______________MaVumezitha:Nant' ulwazana oluncane olungasisiza ukukhanyisa:UVumezitha ozala uNgcobo noShangase (uMkheshana) wayevela ebantwini bakaTembe kaMaphutha. Yibona lababantu abasusa uDlamini wesithathu inkosi yamaSwazi ngaseDelagoa Bay, lapho besahlala khona kuze kube manje. Elinye lamadolobha abo libizwa ngokuthi kuseMaputo, leligama lisuselwa kuleli elithi Maphutha, ngabelungu laba ababehluleka ukulibiza bethi uMaputo.UVumezithaIzingane zikaVumezitha:-Ngcobo -Shangase (Mkheshana) owazala uTomani owazala uMajola owazala uShuku owazala uMvula owazala uNdaleka owazala uGusha owazala uMshiyane owazala uMnguni owazala uMacebo owazala uZikhuluUMkheshana leligama likaShangase walithola ngalesisigameko:UNgcobo wayengalithandi lelisiko lokuthi uma umuntu eshona umfowabo angene unkosikazi wakhe ngoba wayebona kwangathi amakhosikazi akhe athanda uMkheshana kakhulu kunaye esola ukuthi bangahle basheshe bamgudluze khona bezongenwa nguMkheshana, ngakho-ke wenza icebo lokuba abulale umfowabo. Kwafinyelela lokhu ezindlebeni zikaMkheshana wabaleka. Kwathi sebemtholile sebemletha phambi kukaNgcobo wambuza uNgcobo ukuthi ubebalekelani wathi "Bengingabalekile, bengizihambele nje". UNgcobo waphendula ngelithi "Ngempela wawushanga shangase" Ukushanga wukuzula. Kusukela ngalesosikhathi uMkheshana wabizwa ngoShangase, umuntu othanda ukuzula. UNgcobo kaVumezithaIzingane zikaNgcobo:-Dingila-Gasela (Fuze)UDingila kaNgcoboIzingane zikaDingila:Nyuswa owazala uYemesiZoca owazala uMaguya owazala uMbheleNgotoma (Qadi) owazala uNjila owazala uSilwaneNgokusho kukaMadikane kaMlomowethole Cele encwadini ethi "James Stuart Archive", kwathi sekuzelwe uNyuswa, uDingila wathatha uNgotoma owayezelwe kuqala wahamba naye ukuze amqhelise phambi kukaNyuswa owayeyindlalifa ukuze angambangisi, yingakho izithakazelo zamaQadi zingamphathi u"Nyuswa". UYemese kaNyuswa akazange abe nabo abantwana, indlu yakhe yavuswa nguZoca. Ezinye izingane zikaMaguya zahamba zayokwakha ehlanzeni, kwasekuthi ngoba leyondawo inelanga ishisa kakhulu kwasekuthiwa abaseLangeni. Kwathi ngoba uNqina kaNgono engathandanga ukubuswa nguThayi kaBhebhe wayokhonza kuNdaba inkosi yakwaZulu. Kwathi ngoba abaseLangeni bengenankosi base bethanda ukubuswa nguDube ongazange abamukele ngoba esaba ukuthi uShaka uzomthukuthelela, base beya kuNzombane emaBomvini.UMbhele kaMaguya NgcoboIzingane zikaMbhele:VukuzaMapholobaBhebhe (Mabhejana) owazala uTayiMavelaUMapholoba noMbhele noMaguya bangcwatshwe eMamba. Kwathi ngokuhlushwa kwabantu bakwaNgcobo umkaThondolozi wakhetha ukuzithukusela yena ngokwakhe ingane yakhe uMagawozi akwaziwanga lapho babalekela khona. Ngokungatholakali kwendodana kaThondolozi kwabekwa uBhacela kaDubo kaThayi ukuba abe yinkosi. UMagawozi waqhamuka esemdala ehlikizeke ubuso, kuthiwa wathi esemncane elele nomama wakhe emva kokubaleka kwabo, kwangena impisi ilambile yambamba ubuso, yathi noma isiyethuswa kwatholakala ukuthi isiwudlile umlomo. Kwathi noma eseqhamukile uMagawozi awuzange uthikamezeke umbuso kaBhacela nendodana yakhe uMadoda.UMapholoba kaMbhele NgcoboIzingane zikaMapholoba:MiswayoSoduluSikhulumiMaweweBhunganeMgobozaSihayoMbethe owazala uVelemsuthu owazala uNgada (Ngathi) owazala uNdlela(emva kwezizukulwane ezimbalwa) owazala uSomsuka owazalauNomazocwana owazala uKaduphiMgabi wazala uNqumeNkambanaDonda owazala uZizwe owazala uSikhothaUMapholoba wayeganwe ngudadewaboKhondlo, wayebusa ngezikhathi zawoShaka. USikhotha kaZizwe wayesebuthweni lakwaNgcobo uSiba, ngesikhathi sempi kaBhambatha waboshwa ngu-T. Maxwell, imantshi yaseMaphumulo ngoba ezame ukuchaza ukuthi abantu kabanayo imali yokukhokhela amakhanda. Ngemva kwalempi amadodana kaMncindo kaDangadu kaMnyani Ngcobo abulawa e-Richmond.USihayo kaMapholoba NgcoboIngane kaSihayoDubuyanaUmuzi kaSihayo kwakuseNkumbeni, wayesebuthweni uNoqiki. Ngemva kokushona kukaMapholoba kwakufanele kubuse indodana yakhe uMiswayo. Kodwa lokhu kakwenzekanga ngoba nayo yasheshe yashona. Lokhu kwavusa umbango phakathi kukaSihayo noMgabi, babubanga ubukhosi, kuthiwa lokhu kwathi kungafika ezindlebeni zikaShaka kwamcasula kakhulu weza nenja wabaklelisa imigqa emibili abantu bakwaNgcobo wayeseyihambisa phakathi kwabo inja leyo. Yabanuka inja ngamunye ngamunye yathi ingafika kuSihayo yatshikizisa umsila yahlala phansi. Wayesethi uShaka "Pho nisafunani? Nayo inkosi yenu!" USihayo wathi eseyinkosi yabakwaNgcobo amaNyuswa wayelokhu ethumela isipho sikagwayi kuShaka. Kwathi ngoba uMgabi engabutholanga ubukhosi wayesetshela uShaka amanga okuthi logwayi uSihayo uthakatha ngawo uShaka. Nempela wakukholwa lokhu uShaka wayesemhlasela uSihayo wambulala. Kwathi ngoba amaNyuswa engasenayo inkosi aya endodaneni kaSihayo uDubuyana owayakhe ngakuZihlandlo Mkhize ukuba ababuse. Yilapho baphazamiseka khona ngesikhathi sekubusa uDingane eseketula uZihlandlo. Basuka lapho baya eMhlathuzana, kwathi sebebuswa nguMqedi kaDeliweyo uSomtsewu wabasusa wabayisa phakathi komfula iMona neziqongo zaseNoodsberg.UDubuyana kaSihayo NgcoboIzingane zikaDubuyana:DeliweyoMaliPeniXhegwanaDlingithwaSwanaGobosiFakaziUDubuyana wanikwa indawo eNatali nguSomtsewu. UGobosi walwa nabakwaHlophe (uMbango) ngo-1906 wayesephucwa ubukhosi bakhe banikwa uXhegwana. UMbango Hlophe wayeyimbuka ngesikhathi sikaBhambatha.UDeliweyo kaDubuyana NgcoboIzingane zikaDeliweyo:MqediSingqatshaLuzindelaSikhuluBozaZalukufaVikindukuUmama kaDeliweyo wayeyindodakazi kaKofiyana kaMbengana wasoShabeni. UDeliweyo wayehlala OZwathini ngase-Verulam. Yena nendodana yakhe uMqedi babekhona empini kaBhambatha. UMqedi kaDeliweyo NgcoboUMqedi wabekwa nguSomtsewu phakathi komfula iMona neziqongo zaseNoodsberg. UMqedi waboshwa ngokuphatheka kwakhe empini kaBhambatha kwabekwa umalume wakhe uXhegwana ebukhosini bakwaNgcobo.UNqume kaMgabi NgcoboIzingane zikaNqume:Mshiywa owazala uMgudwa owazala uMhlabunzimaMkhwantshiEmva kokuthi uShaka abulale uSihayo, uMgabi wasuka nabantu bakhe bayokwakha ngasemfuleni uMlazi, lapho bafika bathi ukuhlala isikhashana besafuna indawo yokuhlala. Bagcina sebehlala endaweni ebizwa namhlanje ngokuthi yi-Valley of a Thousand Hills lapho bafika babuswa khona nguNqume ngoba uMgabi wayeseshonile. Ukholo lwafika ngesikhathi kubusa yena uNqume lufika noMark Ngcobo kanye noSalmon Mtshali ababevela ePakose (New Germany) ePinetown eBerlin Lutheran Missionary. UNqume akaluthandanga ukholo ngoba lwaluyekisa abantu amasiko abo futhi lufundisa nabantu ukuthi bathenge izindawo zamakhosi ebelungwini okwakwenza ukuthi abelungu bephuce amakhosi izindawo zawo. NoMshiywa owabusa emva kukaNqume wayefana noyise engaluthandi ukholo. Emva kokushona kukaNqume uSomtsewu wayisa uMshiywa eHarding ukuba ayobusa khona. Labo abasalayo babuswa nguMkhwantshi. Emva kokushona kukaMkhwantshi indawo yakhe yabuswa yizinduna ezaziphethwe yinzalo kaMkhwantshi. Induna yokuqala bekunguMbhanana Dladla okwathi ngokushona kwakhe kwaba nguZinti Zama induna. Ngesikhathi sakhe uFrance Hlongwa wakha isonto kulendawo kwase kufika uPosselt weBerlin Missionary Society owayengumfundisi wokuqala omhlophe kulendawo. Umuntu owabhebhethekisa kakhulu ukholo kulendawo nokho nguWilliam Phewa. Kwathi kungashona uZinti Zama kwase kuba nguGeorge Phewa induna. Kungalesisikhathi lapho lendawo yehlukaniswa kabili, eyodwa ingxenye kwathiwa yi-Camperdown (Mkhambathini) kwase kuthi enye kwathiwa yi-Pinetown. Induna uGeorge Phewa wazala uCharles Phewa owaba yi-Roman Catholic. Wenza ukuba kube lula ukuthi amaRoma akhe isonto kulendawo kwaphela nokuthi amaRoma ayosonta eMariannhill. USebastian Ndlovu nguyena owaphatha lelisonto.AmaRoma aguqula abantu abaningi kunezinye izinkolo kangangoba ngo-1957 abelinganiselwa ku-569 amaRoma kwathi amaLuthela wona ayefike kuqala aba ngu-204 kuphela. Ukukholwa kwabantu bakwaNgcobo ngalendlela kwenza ukuba babongelwe ngokuthi:UNgcobo ozandla zimhlopheSengath'uzopheny'isahlukoNangokuthi"Banamashiy'amhl'engathi azoshumayela." UTayi kaBhebhe NgcoboIzingane zikaTayi:ThondoloziDubo owazala uBhacela owazala uMadodaUMavela kaMbhele NgcoboIzingane zikaMavela:Mkhalelwa owazala uDikwayo owazala uSotobeSinqila (Ntuli) owazala uZiphuku owazala uSwayimanaNoqakala owazala uJuqu owazala uBovela owazala uSobalabalaUSotobe kaDikwayo noSwayimana kaZiphuku babekhona empini kaBhambatha. USwayimana kaZiphuku wayebusa eMaphumulo, eMvoti nase-New Hanover. Ngesikhathi u-R.E. Dunn, imantshi yaseMaphumulo, efika eNsuze esitolo sikaButler ukuzoqoqa imali yamakhanda abantu bakaSwayimana kaZiphuku benqaba ukukhipha imali yamakhanda. Ngemva kuka-R.E. Dunn imantshi kwaba ngu-T. Maxwell.USilwane kaNjila NgcoboIzingane ZikaSilwane:MahlukanaDabekaUMahlukana kaSilwane NgcoboIngane kaMahlukana:BabaneUDabeka kaSilwane NgcoboIzingane zikaDabeka:DubeMqhawe owazala uMandlakayise owazala uNdodembi owazala uMzonjaniUMqhawe kaDabeka wabalekela esilungwini, wayeyimbuka ngesikhathi sempi kaBhambatha. UMqhawe wayebusa eMaphumulo, eMngeni, oThukela, eNdwedwe, eNanda naseMpendle.UDube kaDabeka NgcoboUDube wayakhe Egqalabeni, wayebusa amaQadi asuka Eziqabeleni aya ngaseNtunjambili. UDube noShaka babezwana kakhulu. UManqondo Magwaza noNomazocwana kaSomsuka Ngcobo (indodana yakhe uKaduphi wayebusa eXobho nase-Alexandra) babengamthandi uDube, kwathi ngesikhathi sekubusa uDingane badala ubutha phakathi kukaDingane noDube okwenza ukuthi uDingane aqothule amaQadi kaDube ngoMbasa 1838. Umkhulu kaLangalibalele John Dube wabulawa ngaso lesisikhathi. Lokhu kwaba lula kuDingane ngoba wayevele ebazonda bonke abantu ababezwana noShaka. Kulapho uMahlukana kaSilwane abaleka namanye amaQadi bayothi gozololo phakathi kwemifula uMngeni noMdloti. UMahlukana wayehamba noMqhawe, umfowaboDube, owayesemncane ngalesosikhathi, ngakho-ke wafika wambambela ubukhosi waze waba mdala uMqhawe. Ngokugqabuka kwegoda (ngesikhathi uMpande eguqukela umfowabo uDingane) amaQadi abuswa nguMqhawe eNanda. Izwe likaNomazocwana kaSomsuka laphiwa uMpeyana kaManqondo Magwaza emva kwempi kaQethuka noMpeyana.UMqhawe kaDabeka NgcoboIngane kaMqhawe:Mandlakayise owazala uNdodembi owazala uMzonjaniUMqhawe kaDabeka wabalekela esilungwini ebalekiswa ngumalume wakhe uMahlukana ngesikhathi uDingane ehlasela amaQadi kaDube umfowaboDube. Wayeyimbuka ngesikhathi sempi kaBhambatha. Kwathi ngesikhathi uMqhawe eseyinkosi wabeka uMahlukana ngaseBotha's Hill ukuba abuse khona, ngempela waba yinkosi waze wakhothamela khona lapho. Kwathi ngemva kokukhothama kwakhe indodana kaMahlukana uBabane yaba yikholwa yayisithumela kuMandlakayise kaMqhawe owayebusa ngalesosikhathi ukuthi useyabuyeka ubukhosi. Ngakho-ke bonke abantu ababebuswa nguye base bebuswa nguMandlakayise.UGasela (Fuze) kaNgcoboIzingane zikaGasela:Nombika owazala uNdaba owazala uMashiza owazala uMavela owazala uBofungana owazala uMafongosi owazala uSiphandla owazala uMbozaneXonxolamkhonto owazala abakwaFuzeUGasela washona ekhonze uXonxo kakhulu kunoNombika, lokhu kwenza ukuba uXonxo abesethanda ubukhosi bukaNombika. Kwase kudaleka ingxabano eyenza ukuba uXonxo eqe uThukela ayokhonza kumaDunge (abakwaChiliza) eMvoti ngaseMgungundlovana (Greytown). UMafongosi kaBofungane wajunywa wabulawa ngamaZulu abantu bakhe base beyokhonza kuDube. UMbozane kaSiphandla abelungu bambeka eNdwedwe ngasemfuleni uMsunduze.Kuthiwa kuke kwabakhona isikhathi lapho inkosi yakwaNgcobo yabeka usuku okwakuzosukwa ngalo endaweni abebakhe kuyo baye kwenye indawo. Kwathi sesisondele lesosikhathi abesifazane basusa utshani okwakufulelwe ngabo benzela ukuthi bezokwazi ukuthatha izingodo zodwa, bezwa kamuva ukuthi abakaGasela nabakaShangase bayenqaba ukuhamba, ngempela inkosi yathi kulungile kungasahanjwa. Lokhu kwenza ukuba abesifazane baqalele phansi bafulele lezozindlu abesebesuse kuzo utshani. Yilapho-ke abakwaNgcobo bathola khona izibongo ezithi "Ufuz'afulele njengenyamazane" abanye bathi:"UFuz'afulele njengezulu."Amabutho akwaNgcobo:CijinkunziIzingwenyaIzimpofuIzimpehlwaInyokiziphindaUphondoIzinsingiziAmagovuUsibaUndabakawombeIzimpohloNoqikiAbanye bakwaNgcobo:Gcugcwa kaNgcameni Wosiyana (Biyana)Nongoza NzoboNhlabathi Nzobo Ezinye izizwe ezivela kwaNgcobo:NgidiChamane/NzamaHlabisa (lapho kwavela khona abakwaVilakazi. AbakwaJili bavela kwaVilakazi)MuthwaPhewaMayeza 

    • Kwangijabulisa ukuza ngomlando wesiBonga sakithi kwa Ngcobo, ngishongoba sekunesikhathi eside ngizama ukuwufuna noma ukuwalnde. Ngicala ningisize uma kukhona onolwazi mayelana ngamaDodana ka Babane no Mandlakayise . Ngingajabula uma ngithola ezinye izindawo ezichaza ngaBantu no mlando waka Ngcobo. Ngiyabonga

Selected Category: N

Surnames