NDABA

Clan Praise(s)

  • Ndaba Clan Name  Ndaba, Yisongo, Gumede, Madela, wena lwandle aluwelwa, luwelwa yizinkonjane eziphapha phezulu. 

  •   Ndaba, Yisongo, Gumede, Vezi, shwili sika Malandisa. Lwandle aluwelwa, liwelwa zinkonjane ngoba zona ziphapha phezulu. Bathi bayayi vuma, beyivuma ngo nyezi. Nina bakwa Mhlamazane omuhle nenhlokwane yakhe, Nina abakwa nkasa eyakhasa phantsi okwe skhonyane, nina ena bhoboza olwandle olungena ndlena, nina abakwa lihwaqana enadla amahhashi abelungu, nina abakwa mnqamula nkungu kuvel’ langa. Nina enaphuza amanzi anduba ukwela umtaka Jama, ewaphuza ewageza elibhekisa kwela kithi ka Zulu, Ndaba.  

  • Ndaba Yisongo, Gumede, Vezi, Shwili sakamalindisa, Lwandle aluwelwa, liwelwa izinkonjane,zona eziphapha phezulu, bathi bayayivuma bayivuma ngonyezi, nina abakwamqabula'nkungu kuvele ilanga eliphezulu,nina abakwamhlamazane omuhle nenhlokwana yakhe,nina abakwalihwaqana abadla amahhashi abelungu. NDABA

  • Ndaba  Ndabezitha Mthiyane Mwelase Madela MhlunguWena ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula amasinga asilele imididwa emnyama omalobola mbiza zawo tshani,nina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba wena owase MHLUNGWINI....

Selected Category: N

Surnames