By: Mandla Dlamini Mathe.ncanana thenjwayo ,Ntshwelazitha,Mviyaphi,Maboya,Somtoto, Thenjwayo, Mnjonjo, Mpindela. ABANTU BAKWANCANANA/MATHE Abantu bakwaNcanana babuye babizwe ngoMathe. Babuye baziwe ngokuthi amaphimisa nokuyisihlonipho saMathe. Kubo kuphuma abantu bakwaKheswa, Sibande( Ntsibande) nabakwaNqotheni. Nabo njengazo zonke ezinye izizwe badabuka enkabazwe. Baphuma laphaya koMalawi. Behla bagudla ulwandle baze bayofika kwelaMaputukezi, Mozambique. Babuye benyukela eSwazini ngokuthi baganisele inkosi yamaSwazi ngenkosazane yabo. Babuye bazakhela ugazi enkosini yakhona ngokuthi babengababtu ababekhonze ukuhlaba njalo. Babeyaye bathathe inyama bayopha inkosi. Ngalokho ke baphenduka izethenjwa enkosini. Abe sebe bizwa ngokuthi bangoThenjwayo. AmaSwazi ebabona sebeyizethenjwa komkhulu abazonda ababophela amanqina enyathi ukuze banyundeleke, ahlela nesu lokubabulala. Abulala umuntu aseyombophela ezansi komuzi wakhona kwaThenjwayo ngoba phela ngaleyonkathi babebizwa kanjalo namanje eSwaazini basabizwa ngoThenjwayo oNcanana. abakwaNcanana beholwa nguNcanana nomnawakhe owagcina esebizwa ngoMathe bathuutha eSwazini ngoba sebebona ukuthi amaSwazi abakhela uzungu. Babaleka bagudla ulwandle yingakho nje bebuye bezithakazele ngoDonga ngoba phela oDonga abantu abagudla ulwandle. Bahamba baze bayofika laphaya kwaSibhayi( St Sibayi ). Bafica laphaya umfulakazi uMseleni ugcwele. Befuna ukuwela bathatha izigodo zemikhiwane ezabe zintanata emanzini baziboppha ndawonye ngezikhumba zezinkabi benza izihlenga(Klebhe) balayisha kuzo abantu abadala nezingane ukuze kuwelelwe ngaphesheya. Abasaphilayo ke bona babambelela emashobeni ezinkomo base beshaya uhele bawela. amaSwazi athi efika emfuleni abathola sebeyophuma ngaphesheya. Avele athimisa amathe athi nampaya sebeyophumela ngaphesheya. Ukusuka laphoo ke umnawabo KaNcanana wabe esebizwa ngoMathe. Sebengaphesheya bashaya unkatho lokuthi bazoshona ngaphi ke manje. Kunabanye abangayanga onkathweni lolo babe sebebizwa ngokuthi bangoMzila nkatho, ngoba phela bazila ukuyoshaya unkatho. Abanye balibhekisa oPhongolo, abanye baya eDukuduku, abanye bayokwakha eBhangazi KwaNongoma, laphay oPhongoolo bathathwa amabhyunu abasa lena eHaterspruit. Abuye athuthela nabo eDumbe. Abanye baya eKapa nokulapho abafike bahlangana khona namaBhusimane afike ehluleka ukubabiza ngoMathe. Athi Mathes. Aganiselana namabhusumane basebezala oMathe abangamabhusumane nagcina sebebizwa ngoMathews ngoba behlulwa ukuthi Mathe. U-Mathews wabuye babuyela koMathe abaseDukuduku nokulapho afike khona wabizwa ngoMatebesi. oMathe eDukuduku baphumela kubantu bakwaMpukunyoni, abababandlulula bababiza ngaMathonga yingakho nje namanje bebizwa ngaMathonga. Banquma ukuzihlalela ehlathini lelo laseDUkuduku. Baze baphuma laphaya ngesikhathi sezimpi, impi kaMandlakazi noDinuzulu. AbakwaNcanana banquma ukuya kubafowabo abebese-Haterapruit. Abanye bakhumbula ukubuyela eSwazini ngoba phela bakhala ngokuthi bashiya izintombi zabo khona. Ababange besabuyela KwaZulu bafike bazihlalela khona nezintombi zabo bakha. Abantu bakwaNcanana benemikhuba yabo ababephila ngaphansi kwayo. Njengokuthi nje abantu bakwaNcanana babengalisebenzisi isiko lokungena uma omunye wabo eshonelwe. Abantu bakwaNcanana babengawulokothi ugwayi nensangu. Babengabuphuzi utshwala, uma umuntu wakhona eke wakwenza lokhu okuthiwa akwenziwa wayevele abe isiyingayinga noma uhlanya okukanye akwenze ngokwedlulele enqubeni yakhona. ABAKWAKHESWWA Abantu bakwaKheswa baphuma kubantu bakwaNcanana. Wayengomdala kwabo koNcanana noMathe. Waganwa wazala Kakhulu. Kwakuthi uma kuhlatshiwe ekhaya elikhulu avamise ukunikwa inyama yomlenze. Ngelinye ilanga Kwahlatshwa. Kwase kufika abantu abaningi nokwaholela ekutheni engabe esanikwa inyama yomlenze kodwa kunalokho wanikwa inyama yoMkhono. Wanqotheniyithathat wayilahla laphaya ngoba ekhala ngokuthi bamnika inyama encane ekubeni yena ezele kakhulu. Kwabe sekuthiwa uKhesiya inyama. Wase ebizaw ngoKheswa. Kusuka lapho uzalo lwakhe lwabe selubizwa ngoKheswa. BAKWANQOTHENI Nabo baphuma kubantu BakwaNcanana/Mathe. Baphuma kwenye yamadoda akhona eyabe ibizwa ngokuthi ngoNqotheni. Uzalo Lwakhe namanje lubizwa kanjalo kuthiwa uMathe Nqotheni. Phela labantu yibo abafika lapha kwaZulu nendlela yokwakha ukhamba bese ulishesela ngomlilo. Engani kuqala bengakafiki bona nalendlela ukhamba lwalwakhiwa bese lungashiselwa. ABAKWASIBANDE abakwaSibande baphuma kwabaNcanana/Mathe. Enye indoda yakwaNcanana yayisendleleni elibangisa ngakwaZulu yona yakhohlwa umutsha wayo lapha ebebesuka khona, yase ibuyela emuva ngenhloso yokuyowulanda. Yafica amaSwazi laphaya abe esezama ukuyenzakalisa. Athi ayayigojela ngomkhonto, yabanda ngesihlahla. Kusuka laphoo leyo ndoda yabe isibizwa ngoSibanda. USibanda wabe esezala uMagojela, nakuba uzalo lukaSibanda lutholakala eSwazini nakwaZulu, kodwa iningi labo litholakala eMalawi nakoZimbabwe. Kwathi abakwaSibanda sebekwaZulu, amaZulu ahluleka ukubabiza ngoSibanda kodwa kunalokho athi uNsimande. Namanje labantu lapha kwaZulu babizwa ngokuthi woNsimande................................................................................................edited by Xolani Sibongakonke Ncanana 05/03/1989 (uThenjwa kaMagejageja) Share
By: Muzi Nqotheni Nqotheni,Thenjwayo,Yisongo,Gabadeli...ngifisa ukwazi kabanzi ngoNqotheni,umlando wabo kanye nezithakazelo
By: SIBUSISO THENJWAYO
Nina BakaNtsinga NomHongwana,ZiNjobo ZamaKhosi,Mahombe Hoto.Mjonjo
By: Mandla Dlamini
Mathe.ncanana thenjwayo ,Ntshwelazitha,Mviyaphi,Maboya,Somtoto, Thenjwayo, Mnjonjo, Mpindela. ABANTU BAKWANCANANA/MATHE Abantu bakwaNcanana babuye babizwe ngoMathe. Babuye baziwe ngokuthi amaphimisa nokuyisihlonipho saMathe. Kubo kuphuma abantu bakwaKheswa, Sibande( Ntsibande) nabakwaNqotheni. Nabo njengazo zonke ezinye izizwe badabuka enkabazwe. Baphuma laphaya koMalawi. Behla bagudla ulwandle baze bayofika kwelaMaputukezi, Mozambique. Babuye benyukela eSwazini ngokuthi baganisele inkosi yamaSwazi ngenkosazane yabo. Babuye bazakhela ugazi enkosini yakhona ngokuthi babengababtu ababekhonze ukuhlaba njalo. Babeyaye bathathe inyama bayopha inkosi. Ngalokho ke baphenduka izethenjwa enkosini. Abe sebe bizwa ngokuthi bangoThenjwayo. AmaSwazi ebabona sebeyizethenjwa komkhulu abazonda ababophela amanqina enyathi ukuze banyundeleke, ahlela nesu lokubabulala. Abulala umuntu aseyombophela ezansi komuzi wakhona kwaThenjwayo ngoba phela ngaleyonkathi babebizwa kanjalo namanje eSwaazini basabizwa ngoThenjwayo oNcanana. abakwaNcanana beholwa nguNcanana nomnawakhe owagcina esebizwa ngoMathe bathuutha eSwazini ngoba sebebona ukuthi amaSwazi abakhela uzungu. Babaleka bagudla ulwandle yingakho nje bebuye bezithakazele ngoDonga ngoba phela oDonga abantu abagudla ulwandle. Bahamba baze bayofika laphaya kwaSibhayi( St Sibayi ). Bafica laphaya umfulakazi uMseleni ugcwele. Befuna ukuwela bathatha izigodo zemikhiwane ezabe zintanata emanzini baziboppha ndawonye ngezikhumba zezinkabi benza izihlenga(Klebhe) balayisha kuzo abantu abadala nezingane ukuze kuwelelwe ngaphesheya. Abasaphilayo ke bona babambelela emashobeni ezinkomo base beshaya uhele bawela. amaSwazi athi efika emfuleni abathola sebeyophuma ngaphesheya. Avele athimisa amathe athi nampaya sebeyophumela ngaphesheya. Ukusuka laphoo ke umnawabo KaNcanana wabe esebizwa ngoMathe. Sebengaphesheya bashaya unkatho lokuthi bazoshona ngaphi ke manje. Kunabanye abangayanga onkathweni lolo babe sebebizwa ngokuthi bangoMzila nkatho, ngoba phela bazila ukuyoshaya unkatho. Abanye balibhekisa oPhongolo, abanye baya eDukuduku, abanye bayokwakha eBhangazi KwaNongoma, laphay oPhongoolo bathathwa amabhyunu abasa lena eHaterspruit. Abuye athuthela nabo eDumbe. Abanye baya eKapa nokulapho abafike bahlangana khona namaBhusimane afike ehluleka ukubabiza ngoMathe. Athi Mathes. Aganiselana namabhusumane basebezala oMathe abangamabhusumane nagcina sebebizwa ngoMathews ngoba behlulwa ukuthi Mathe. U-Mathews wabuye babuyela koMathe abaseDukuduku nokulapho afike khona wabizwa ngoMatebesi. oMathe eDukuduku baphumela kubantu bakwaMpukunyoni, abababandlulula bababiza ngaMathonga yingakho nje namanje bebizwa ngaMathonga. Banquma ukuzihlalela ehlathini lelo laseDUkuduku. Baze baphuma laphaya ngesikhathi sezimpi, impi kaMandlakazi noDinuzulu. AbakwaNcanana banquma ukuya kubafowabo abebese-Haterapruit. Abanye bakhumbula ukubuyela eSwazini ngoba phela bakhala ngokuthi bashiya izintombi zabo khona. Ababange besabuyela KwaZulu bafike bazihlalela khona nezintombi zabo bakha. Abantu bakwaNcanana benemikhuba yabo ababephila ngaphansi kwayo. Njengokuthi nje abantu bakwaNcanana babengalisebenzisi isiko lokungena uma omunye wabo eshonelwe. Abantu bakwaNcanana babengawulokothi ugwayi nensangu. Babengabuphuzi utshwala, uma umuntu wakhona eke wakwenza lokhu okuthiwa akwenziwa wayevele abe isiyingayinga noma uhlanya okukanye akwenze ngokwedlulele enqubeni yakhona. ABAKWAKHESWWA Abantu bakwaKheswa baphuma kubantu bakwaNcanana. Wayengomdala kwabo koNcanana noMathe. Waganwa wazala Kakhulu. Kwakuthi uma kuhlatshiwe ekhaya elikhulu avamise ukunikwa inyama yomlenze. Ngelinye ilanga Kwahlatshwa. Kwase kufika abantu abaningi nokwaholela ekutheni engabe esanikwa inyama yomlenze kodwa kunalokho wanikwa inyama yoMkhono. Wanqotheniyithathat wayilahla laphaya ngoba ekhala ngokuthi bamnika inyama encane ekubeni yena ezele kakhulu. Kwabe sekuthiwa uKhesiya inyama. Wase ebizaw ngoKheswa. Kusuka lapho uzalo lwakhe lwabe selubizwa ngoKheswa. BAKWANQOTHENI Nabo baphuma kubantu BakwaNcanana/Mathe. Baphuma kwenye yamadoda akhona eyabe ibizwa ngokuthi ngoNqotheni. Uzalo Lwakhe namanje lubizwa kanjalo kuthiwa uMathe Nqotheni. Phela labantu yibo abafika lapha kwaZulu nendlela yokwakha ukhamba bese ulishesela ngomlilo. Engani kuqala bengakafiki bona nalendlela ukhamba lwalwakhiwa bese lungashiselwa. ABAKWASIBANDE abakwaSibande baphuma kwabaNcanana/Mathe. Enye indoda yakwaNcanana yayisendleleni elibangisa ngakwaZulu yona yakhohlwa umutsha wayo lapha ebebesuka khona, yase ibuyela emuva ngenhloso yokuyowulanda. Yafica amaSwazi laphaya abe esezama ukuyenzakalisa. Athi ayayigojela ngomkhonto, yabanda ngesihlahla. Kusuka laphoo leyo ndoda yabe isibizwa ngoSibanda. USibanda wabe esezala uMagojela, nakuba uzalo lukaSibanda lutholakala eSwazini nakwaZulu, kodwa iningi labo litholakala eMalawi nakoZimbabwe. Kwathi abakwaSibanda sebekwaZulu, amaZulu ahluleka ukubabiza ngoSibanda kodwa kunalokho athi uNsimande. Namanje labantu lapha kwaZulu babizwa ngokuthi woNsimande................................................................................................edited by Xolani Sibongakonke Ncanana 05/03/1989 (uThenjwa kaMagejageja)
By: Bonga WaKoSokhumalo
abantu bakwaKheswa bazalwa kwaHadebe hhayi kwaNcanana
By: Muzi Nqotheni
Nqotheni,Thenjwayo,Yisongo,Gabadeli...ngifisa ukwazi kabanzi ngoNqotheni,umlando wabo kanye nezithakazelo