MZINYANE

Clan Praise(s)

  • zikode! bhungane wenza ngakuningi! makhulukhulu! umkhulu nkulunkulu kodwa awunganga bhungane! unkulunkulu uziqu zintathu kodwa ubhungane uziqu zingamakhulukhulu, mthimkhulu. mashiya amahle amade anjengawe nyamazane! mafuza afulele njengelifu lemvula! sgoloza esimehlo abomvu esibheka muntu kubengathi siyamujamela! ndlubu ezamila ebubini bamadoda! ndlubu ezamila emthondweni (kwasothondose)! abakasothondose ngokuzimelela kwanda ubhungane, yena owehla ezulwini ngesilulu! inkunzi enezindlu ezamila emthondweni! bhungane ongumakhulukhulu! nina enindlebe zikhanya ilanga! nina enindlebe zinhle zombili! nina bosiba olude olungakhothami ndlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama! nina omagawula imithi emncane emikhulu ivele iziwele! mahlubi amahle! mangelengele amahle! nina mahlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana! mashwabada owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo yathi mayifika emphinjeni yadlamalala

  • Mzinyane, bhungane mthimkhulu makhulukhulu, mashwabade owashwabadela inkomo nezimpondoza zayo, mafuza afulele njengefu lemvula, ndlebe ezamila kabi zamila emthondweni kaSondoze, Hadebe magawula imithi emide emoncane ivele iziwele, umkhulu Nkulunkulu kodwa awunganga Bhungane oziqu zimakhulukhulu, mashiya amahle njengowenyamazane Langalibale, ndlubu ezamila emthondweni

  • Shwabade, Gomba, Khambilamangwane,Mpandlajuluka, Mafikawela.....

Surnames