MPANZA

Clan Praise(s)

  •   Thabekhulu!   Wena owawela ngezimpambosi zemifula.   Mavundla! nina bendlondlo eyaluma uJob' esiswini   Siwela!   Kwaze kwasa uNomagaga ezisont' amathumbu   Donda!   Nina bakaCakath' indoda ngomkhonto Nina basezixeni..

  • Thabekhulu, Mavundla, Siwela, Donda wena sidayi dayi esadayizela imihlambi yamadoda ukuwela, wena wasey'qheni,wena dlozi laphuza umcombothi lonakala, wena ongaweli ngezibuko uwela ngempambosi zomfula, wena owawela imfolozi emnyama nemhlophe, Mavundla Siwela

  • Thabekhulu, Siwela,Mavundla,Sandanezwe,Donda waseZixeni.Nina bendlondlo eyaluma uJobe esiswini kwaze kwasa ezisonta amathumbu.Magagamela; Sofasonke.Wena lapho owanyathela khona kwavuka laphuza amanzi lathi amtoti lamanzi. Qhakaza Thabekhulu lapho eManzimtoti.Thabekhulu, Siwela, Mavundla, Sandanezwe, Donda, nina baseZixeni. Nina baka hlamvana bhulu 'mlilo. Indoda eyadlu 'bubende bempisi yayilinde' Ndulinde.

    • Washo kwathi cosololo kithi thina bo Mpanza, oMavundla

    • Washo kwathi cosololo kithi thina bo Mpanza, oMavundla

    • Washo kwathi cosololo kithi thina bo Mpanza, oMavundla

Surnames