MBHELE

Clan Praise(s)

  • Mgabhi sishanga msuthu weno owasenkandi ovubela amasi ngobhoko amabele asezingunjini zawo..wena ogagada udonga kuvuleke indlela ebheka e ermelo mawfika emlomo kushalazela izidudla zakhona..umagugelda ibheshu ngoba lingena zinjobo zakhona..unjomane

  • Mbhele, Mphemba, Sompisi, Godide, Ndlela, Khuboni. Mphemba, Ntuli,Wena kaSompisiSothole, Gudukazi uyiNcwayo.Khuboni, Sompisi owaphemba ngamakhand' amadoda,Abanye bephemba ngomlilo.Nina base Lenge,Enabonakala ngefu lezintuli.Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.Mazimuzimu enidla' abantu.Mgwabini wemikhonto,Umahlatshwa ebuhleni njengethole.Umagaju njengengwe.Inhlangu eyeqa iphindaphinda.Umanxeba angamanxulumaKwasa bemhlaba uGwabini, waphika.Mphemba!Lang' elaphum' endlebeni yendlovu,Nyaka wumbeLophum' endlebeni yengwenya.Unonjiyelwa,Kulala uhlangothi lubomvu.Ugodo olumuka namankayiya.Mgwabini wemikhonto,Langa, Sompisi.

Surnames