MACOZOMA

Clan Praise(s)

  • Khumalo Mmtungwa Langa Dibandlela  Tshangana Matyele zandleni kuba esongqena ukuboleka into zabantu Nto zabaleka nenkomo zikaShaka AbakwaMacozoma!!   Abantu bakwaMacozoma bangaMantungwa akwaSoKhumalo.   Bazalwa yindoda yakwaKhumalo egama linguDibandlela kaNoluju. Uyise walendoda uNoluju wayeyinhloni enkulu kaZwide kaLanga , futhi wayehlala khona kwaNdwandwe. Nguyena owahlanganisa uMzilikazi kaMashobane noShaka kaSenzangakhona ngesikhathi bezakuhlasela inkosi yaMaNdwandwe ,uZwide kaLanga, ngoba phela uShaka wayengamethembi uMzilikazi ngoba engumzukulu kaZwide.  Kuthiwa ngesikhathi uMzilikazi exabana nomngane wakhe omkhulu uShaka kaSenzangakhona, uDibandlela kaNoluju waphuma neqeqebana labantu bakwaKhumalo walibhekisa eMpumalanga Kapa, wayozinza endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNgcobo. Njengoba laba bantu bakwaKhumalo babefana nenyamazane ezingelwayo, bazishintsha isibongo bazibiza ngoMacozoma(ukuze baphephe), okwakuyigana lendodana kaDibandlela. Ukwelamana kwabakwaMacozoma! UNoluju wazala uDibandlela noNoyila. UDibandlela wazala uMacozoma noTshangana. UMacozoma wazala uLanga.   Abantu bakaTshangana kaDibandlela ilaba abaziwa ngokuthi ngabakwaTshangana, amaNtungwa nawo, abaganiselani nabakwaKhumalo .   Izithakazelo zakwaMacozoma!!   Khumalo, Mntungwa. Mbulaz'omnyama. Dibandlela. Langa. Noyila,  Sechaba Matyela ezandleni.   Comments :  Amos Menzi Mlotshwa   it make sense, ngisebenza nabosisi bakwaMacozoma bazibiza ngaMantungwa, kanti nalo owethula isimo sezulu ngesiXhosa Phaphama Tshangane naye uzibiza ngoMaKhumalo, it make perfect sense   Comments : Jabulani Z Khumalo   Sibonge kuleyo ndawo Mashobane. nami benginalo uLwazi lokuthi oMacozoma bangabakwethu. Kodwa-ke sengiyajabula ukwazi ukuthi baphuma endlini yenhloli u Noluju. UMlando kaNoluju siyawazi kakhulu, wadlala indima enkulu ekusizeni uMzilikazi ukuthi aziphindisele kumkhulu wakhe uZwide kaLanga.    

  • By:

    ndabezithakhumalo, mtungwadibandlela langanoyilasechabamatyele zandlenimtungwa 'myama nomhlophe ngoba ningabantuthina sabaleka nenkomo zikashakanto 'zithandwa nguthixo yedwa      singabakwakhumalo you will ind us everywhere in africa because of migration that took place.we originate or found assylym in the eastern cape engcobo when shaka wanted to kill our forefather mtungwa,we adopted macozoma last name for security reasons.our praises are khumalo!   THANX TO THE ABOVE COMMENT: MANY PEOPLE FIND IT DIFFICULT TO DISCERN THE REASONS WHY PEOPLE WHO HAD FLED THE MFECANE WARS PRAISE THEIR SURNAMES THE WAY THEY DO, SUCH AS THIS GOOD E.G ABOVE OF MACOZOMA (KHUMALO). I LIKE THE FACT THAT YOU ACKNOWLEDGE HISTORY THAT YOU ESCAPED FROM NATAL AND CHANGED THE SURNAME TO THAT FROM MNTUNGWA.BIG UP TO YOU MY FRIEND!!

Surnames