KUBHEKA

Clan Praise(s)

  • Khathide Ndolwane Makhunga. Mbende ebomvu kanye nezinyawo zayo. Masobode owasobodela indlubu namakhasi.   Lingakuphonsa uphambanise nangonyezi. Silomo esadla esinye. Jijila kavalingemivalo uvala ngamakhanda amadoda. Sinukwa kuthiwani kungakayiwaezinyangeni? Uhlonzeni na? Ngihlonze umhlambi wezinyamazane.Sifuba silunangananga nangezinyembi. Duma likumntwana libuhlungu liyatetema.   NguLuvuno ngokuvuna labaliwayo. Ngoba kaboLuvuno kakuvalwa ngemivalo.Ngugiqika litshe lingehli ntaba, lehla ngemihlane wamadoda. Elincaneliyadabula imbeleko. Imbende ebomvu njengentolwane.   Sihumane esehla nengulane. Bukhulu bukaKhathide buyamangaza ngobanasentendeni, nasothini lomkhonto uyahlala. Athi angehla abe ngangezindlunamaguma. Ngumasila kuphepha uyaxhopha, unjenge misebe yelanga. Ngobaubuhle bakwaKhathide bunjenge ntombi iya esokeni.   Ngumcothuka kancane aye aphephele etsheni. Athi lizovuka, wasongwangentsimbi, amadoda okumhambanela. Athi khona amagwala azombalekela. Ingaziyehla ngezinhlangothi zombili. Yathi uma ifika emathangeni yathithibala.Kepha mange wafa.   Gijimani ngazo zonke izindlela. Niphikelele kuManyonyoba wakwaKubheka.Nithi kuye: Somthuli sowushaye phasi wamfoma ingazi nangamakhala.Umadindiliza njengenyanga. Somthuli baya kwaba qinisile, bakumbela izigebenezigejana. Ithendele elasuka phakathi kuka Khoza naMkhabela abazingelibagodla izagila   UMngongoma zomkhonto izulu laduma obala. Lapho kungenamunga kungenamthole.Inkunzana enhle kanamampelana, eyathi uma iwela igogoda uMzinyathi wadinwawaba bomvu amantshontsho.   Unkomo ezawela uMhlangavula zadla ubhoxo eNtombe. Ziwudla ziwuhalazela.Kwaqhamuka inhlamvukazi nenkonekazi. Athi lapho amaSwazi ezibona ephetheamagala, ezibona ziya emasimini aqambe ayabuya afica Magonondo sehambile.Silimile isu lokuphephela ngoba laphephela kwaNgwane....   KHATHIDE!!!!!!

  • (UKhathide no Kubheka isibonga esisodwa)Khathide, Kubheka Masobode, nina enasobodela izindlubu namakhasi azoMagonondo, Mbende ebomvu njengentolwaneBuhlalu abulingani entanyeni, bulingana ezinyaweniLuvuno ovuna abathakathi, wathi bayateketa, wathi ingani baphungula abantuUma kunzima kuvalwa ngamakhanda amadoda emnyango.Nina base Ndolwane  KUBHEKAKubheka, Khathide, Masobode Wena, owasobodela indlubu nekhasi Umgwaqo awedluli esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda Mbhende€TMbovu enjengetolwane Isisgwece esasuka kuqala saphumelela Esasuka muva bafika ngezagila basishaya Uboya obuningi obungangenyathi Isikhumba esahlula abeshuki Basishuka sasesihlala amankankane Amankankane asighudela sabanhlope bha! Imbokodo ebomvu Ebomvu kamagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele isicabha esihle esakhothwa Yizinyoni zakaKhathide Inkonjane endiza phezulu yawela umfula ugcwele Sombheshane, Masobode, Makhunga WEna owakhunga izimbila emgedeni Zaphuma zingena zingena misila emgedeni Nanamuhla azinawo umsila ngesinmanga sikaMaKhunga Khathide, Ndolwane, NaMsibi sonke Thina Ndolwane Khathide, Masobode Sombheshane Magonondo  

Surnames