By: Wakahina Mnguni, Qwabe, Khondlo, GumedeGumede!Qwabe!Mnguni kaYeyeyeKhondlo!Osidlabehlezi bakaPhakathwayoAbathi bedla babebeyenga umuntu ngendabaBethi "Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe kayikhunisidingida yoyodaba kanti bahlinza imbuzi!"Malandela ngokulandela izinkomo zamadoda!UQwabe no Zulu amadodana kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaYeyeye.UQwabe yizibulo ebeselanywa uZulu kunina uNozinja. UNozinja wayethanda uZulu kakhulu wabesemsiza ukuqoqa imfuyo eningi okwenza kubekhona ukungezwani phakathi kwalezelamani uma uMalandela ekhothama. Kunokuthi kuchitheke igazi uZulu,uNozinja nabanye ababethanda uZulu bahlukana noQwabe bayakofuna amadlelo aluhlaza enxenye. Lezizizwe zaqhubeka zehlukene kwaze kwaba sesikhathini seLembe, uDlungwane woMbelebele,uMlilo wothathe uShaka kaSenzangakhona.Ngalesikhathi uPhakathwayo ubeyinkosi yakwaQwabe. Ilembe layiphaka yaqonda kwaQwabe eyakwaZulu, uPhakathwayo ubengalindele ukuthi kungenzeka ahlulwe kulempi ngoba ayemaningi amabutho akhe kwazise ukuthi esakwaQwabe kade kuyisizwe esikhulu impela. Kodwa indlela yokulwa kweLembe yayingakajwayeleki ngalesosikhathi, uPhakathwayo weza nabesifazane nezingane enkundleni, wahlala ethunzini ephethe nokhamba ecabanga ukuthi uzonqoba masinyane kanti akabuzanga elangeni. Wehlulwa ngaphambi kokuba alwe uPhakathwayo, kuthiwa wanelewezwa ukuthi wehluliwe wabulawa uvalo(shock). UDlungwane wabeseqoqa sonke isizwe sakwaQwabe saba yinxenye kaZulu,Isizwe sakwaQwabe safudukela phesheya koThukela siholwa uHeshephi indodakazi kaPhakathwayo emveni kokugana kwakhe Kwaphatha uGodolozi kaKhondlo.uGodolozi kaKhondlo ozale uMusi(inkosana),uMkhayiphe(ikhohlo),uMusi wathatha esikhundleni sikaGodolozi yena wazala uMeseni,uMeseni wazala uMtshingwa,kwathi uMkhayiphe wabaleka eMthandeni emva kokuzwa itulo lokuthi uzokwenzakaliswa wayokhonza kwaZulu ngaphansi kwenkosi uMpande akhe KwaMandlakazi,enye yamadodana akhe uMakhubalo wayengaphansi kwebutho Ingobamakhosi wayibamba eSandlwana lapho wabuya khona nesibhamu,ngenxa yempi phakathi koSuthu noMandlakazi wabaleka kwaMandlakazi waphindela ngaphansi kwentaba zongoye,KuNjakaba KaSophana owayeyinduna yasentonteleni.uNjakaba wasala kuwela abafowabo wathi uLungenaye uShaka wakha uLunganayo olaphaya esigodini sasoYemeni. Ngenkathi sekubusa iSilo saseMgungundlovu uDingani kaSenzangakhona uNqetho owayeyinkosi yakwaQwabe kwadingeka ashiye elakwaMthaniya ayekwelamaMpondo ngenxa yokuthi uDingane ubecoboshisa bonke ababezwana noShaka, wehlulwa uFaku emaMpondweni wabesebuyelakwaZulu lapho afike wabulawa uDingani.UKhuzwayo ngenye yamakhosi akwaGumede ayebusa engakacatshangwa nakucatshangwa uPhakathwayo. Nazi ezinye izibongo eziphuma kwaQwabe/Gumede:MaphangaKhuzwayoMakhanyaGcabasheMzimela http://www.inkundla.com/forum/ubbthreads.php/topics/42312/Origins_yezibongo Share
By: Thaniya Qwabe Ngicela ukulungisa iphutha elincane nje. Siyakhana mziwakwethu. Kukhona othe, indlu wakwaSibiya indlu yaseKhohlwa kwaGumede. Cha, indlu yakwaSibiya indlu enkulu kwaGumede. Okwesibili akukaze kube khona inkosi yakwaSibiya. Phela kwaSibiya akusona isizwe, yindlu. Iqiniso ukuthi kuBaNguni naBaNtungwa, uGumede yiyo indlu enkulu. Kepha ke bese kuba khona izindlu ezihlukile kwaGumede. uGumede qobo lwakhe wakha umuzi waseShobeni (izibongo zakhona ngoKhoza (Mahlase), Sibisi, Msibi, Ziqubu etc). Inkosana yakhe ingonyama uYeyeye. uYeyeye umuzi wakhe yiseMazimeleni (izibongo zakhona ngo Mzimela, Phakathi, Mcoyi, Mnguni,). inkosana kaYeyeye uMnguni. uMnguni inkosana yakhe uLuzumana, yena umuzi wakhe uSibiya ngenkomo. Inkosana yakwaSibiya ngenkomo ingonyama uMalandela. umnawe kaMalandela kwaSibiya ngenkomo nguMyende (ozala abantu bakwaKhomo). inkosana kaMalandela ingonyama uQwabe. uMnawe kaQwabe kwaSibiya ngenkomo uZingelwayo. uMuzi kaQwabe iNgoye (indawo isibizwa ngomuzi wakhe). uQwabe uzale uNdaba kwaSibiya ngenkomo eBabanango. Kwathi oNgoye wazala uSidinane. inzalo kaQwabe yasoNgoye izibiza ngesibongo uQwabe, kuthi inzalo yakhe yakwaSibiya ngenkomo izibize ngoSibiya. uQwabe ulandelwe nguNdaba esihlalweni sobukhosi, uNdaba yena walandelwa uGazu, yena walandelwa uNtusi (Mdladla). Wonke lamakhosi, amakhosi kaNguni endlini yakwaSibiya. uNtusi oketulwe ngabakaQwabe basoNgoye. Emuva kokungena kwabakaQwabe, bengena ngoSimamane waseMabhedwini kanye nendodana yakhe uKhuzwayo (inkosana kaSimamane uLufutha, kanti ikhohlwa uMakhanya), akuzange kube khona inkosi yabenguni endlini yakwaSibiya, futhi akuzange kube khona inkosi yakwaSibiya. inkosana kaNtusi uMqeku yena wabaleka waya emfolozi, emahlabathini. izwe liphathwe ngabakwaQwabe basoNgoye baze bakhishwa uShaka kaSenzangakhona, mhla ebulala uPhakathwayo kaKhondlo waseMthandeni. Lokhu kusho ukuthi kwaNguni indlu enkulu ngeyakwaSibiya kodwa ubukhosi bagcina busezandleni zakwaQwabe. abakwaQwabe bakhishwa ngabanewabo bakwaZulu. Yebo phela inkosana inkosana akushintshi. Lokho kusho ukuthi izinhloko zomuzi wakwaSibiya yizo amakhosana akwaGumede, kodwa kusuka uMqeku ayengabusi izwe. oMgxebe, Manyelela izinduna zakwaQwabe. oSotobe, Nogwaza, Sikhobobo babeyizinduna zakwaZulu.
By: Wakahina
Mnguni, Qwabe, Khondlo, GumedeGumede!Qwabe!Mnguni kaYeyeyeKhondlo!Osidlabehlezi bakaPhakathwayoAbathi bedla babebeyenga umuntu ngendabaBethi "Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe kayikhunisidingida yoyodaba kanti bahlinza imbuzi!"Malandela ngokulandela izinkomo zamadoda!UQwabe no Zulu amadodana kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaYeyeye.UQwabe yizibulo ebeselanywa uZulu kunina uNozinja. UNozinja wayethanda uZulu kakhulu wabesemsiza ukuqoqa imfuyo eningi okwenza kubekhona ukungezwani phakathi kwalezelamani uma uMalandela ekhothama. Kunokuthi kuchitheke igazi uZulu,uNozinja nabanye ababethanda uZulu bahlukana noQwabe bayakofuna amadlelo aluhlaza enxenye. Lezizizwe zaqhubeka zehlukene kwaze kwaba sesikhathini seLembe, uDlungwane woMbelebele,uMlilo wothathe uShaka kaSenzangakhona.Ngalesikhathi uPhakathwayo ubeyinkosi yakwaQwabe. Ilembe layiphaka yaqonda kwaQwabe eyakwaZulu, uPhakathwayo ubengalindele ukuthi kungenzeka ahlulwe kulempi ngoba ayemaningi amabutho akhe kwazise ukuthi esakwaQwabe kade kuyisizwe esikhulu impela. Kodwa indlela yokulwa kweLembe yayingakajwayeleki ngalesosikhathi, uPhakathwayo weza nabesifazane nezingane enkundleni, wahlala ethunzini ephethe nokhamba ecabanga ukuthi uzonqoba masinyane kanti akabuzanga elangeni. Wehlulwa ngaphambi kokuba alwe uPhakathwayo, kuthiwa wanelewezwa ukuthi wehluliwe wabulawa uvalo(shock). UDlungwane wabeseqoqa sonke isizwe sakwaQwabe saba yinxenye kaZulu,Isizwe sakwaQwabe safudukela phesheya koThukela siholwa uHeshephi indodakazi kaPhakathwayo emveni kokugana kwakhe Kwaphatha uGodolozi kaKhondlo.uGodolozi kaKhondlo ozale uMusi(inkosana),uMkhayiphe(ikhohlo),uMusi wathatha esikhundleni sikaGodolozi yena wazala uMeseni,uMeseni wazala uMtshingwa,kwathi uMkhayiphe wabaleka eMthandeni emva kokuzwa itulo lokuthi uzokwenzakaliswa wayokhonza kwaZulu ngaphansi kwenkosi uMpande akhe KwaMandlakazi,enye yamadodana akhe uMakhubalo wayengaphansi kwebutho Ingobamakhosi wayibamba eSandlwana lapho wabuya khona nesibhamu,ngenxa yempi phakathi koSuthu noMandlakazi wabaleka kwaMandlakazi waphindela ngaphansi kwentaba zongoye,KuNjakaba KaSophana owayeyinduna yasentonteleni.uNjakaba wasala kuwela abafowabo wathi uLungenaye uShaka wakha uLunganayo olaphaya esigodini sasoYemeni. Ngenkathi sekubusa iSilo saseMgungundlovu uDingani kaSenzangakhona uNqetho owayeyinkosi yakwaQwabe kwadingeka ashiye elakwaMthaniya ayekwelamaMpondo ngenxa yokuthi uDingane ubecoboshisa bonke ababezwana noShaka, wehlulwa uFaku emaMpondweni wabesebuyelakwaZulu lapho afike wabulawa uDingani.UKhuzwayo ngenye yamakhosi akwaGumede ayebusa engakacatshangwa nakucatshangwa uPhakathwayo. Nazi ezinye izibongo eziphuma kwaQwabe/Gumede:MaphangaKhuzwayoMakhanyaGcabasheMzimela http://www.inkundla.com/forum/ubbthreads.php/topics/42312/Origins_yezibongo
By: Thaniya Qwabe
Ngicela ukulungisa iphutha elincane nje. Siyakhana mziwakwethu. Kukhona othe, indlu wakwaSibiya indlu yaseKhohlwa kwaGumede. Cha, indlu yakwaSibiya indlu enkulu kwaGumede. Okwesibili akukaze kube khona inkosi yakwaSibiya. Phela kwaSibiya akusona isizwe, yindlu. Iqiniso ukuthi kuBaNguni naBaNtungwa, uGumede yiyo indlu enkulu. Kepha ke bese kuba khona izindlu ezihlukile kwaGumede. uGumede qobo lwakhe wakha umuzi waseShobeni (izibongo zakhona ngoKhoza (Mahlase), Sibisi, Msibi, Ziqubu etc). Inkosana yakhe ingonyama uYeyeye. uYeyeye umuzi wakhe yiseMazimeleni (izibongo zakhona ngo Mzimela, Phakathi, Mcoyi, Mnguni,). inkosana kaYeyeye uMnguni. uMnguni inkosana yakhe uLuzumana, yena umuzi wakhe uSibiya ngenkomo. Inkosana yakwaSibiya ngenkomo ingonyama uMalandela. umnawe kaMalandela kwaSibiya ngenkomo nguMyende (ozala abantu bakwaKhomo). inkosana kaMalandela ingonyama uQwabe. uMnawe kaQwabe kwaSibiya ngenkomo uZingelwayo. uMuzi kaQwabe iNgoye (indawo isibizwa ngomuzi wakhe). uQwabe uzale uNdaba kwaSibiya ngenkomo eBabanango. Kwathi oNgoye wazala uSidinane. inzalo kaQwabe yasoNgoye izibiza ngesibongo uQwabe, kuthi inzalo yakhe yakwaSibiya ngenkomo izibize ngoSibiya. uQwabe ulandelwe nguNdaba esihlalweni sobukhosi, uNdaba yena walandelwa uGazu, yena walandelwa uNtusi (Mdladla). Wonke lamakhosi, amakhosi kaNguni endlini yakwaSibiya. uNtusi oketulwe ngabakaQwabe basoNgoye. Emuva kokungena kwabakaQwabe, bengena ngoSimamane waseMabhedwini kanye nendodana yakhe uKhuzwayo (inkosana kaSimamane uLufutha, kanti ikhohlwa uMakhanya), akuzange kube khona inkosi yabenguni endlini yakwaSibiya, futhi akuzange kube khona inkosi yakwaSibiya. inkosana kaNtusi uMqeku yena wabaleka waya emfolozi, emahlabathini. izwe liphathwe ngabakwaQwabe basoNgoye baze bakhishwa uShaka kaSenzangakhona, mhla ebulala uPhakathwayo kaKhondlo waseMthandeni. Lokhu kusho ukuthi kwaNguni indlu enkulu ngeyakwaSibiya kodwa ubukhosi bagcina busezandleni zakwaQwabe. abakwaQwabe bakhishwa ngabanewabo bakwaZulu. Yebo phela inkosana inkosana akushintshi. Lokho kusho ukuthi izinhloko zomuzi wakwaSibiya yizo amakhosana akwaGumede, kodwa kusuka uMqeku ayengabusi izwe. oMgxebe, Manyelela izinduna zakwaQwabe. oSotobe, Nogwaza, Sikhobobo babeyizinduna zakwaZulu.
By: Mlambo Shangana NGOBENI
Nice 1. I like the way waybeka!!