KHUMALO

Clan Praise(s)

  •   Ndaba, Yisongo, Gumede, Vezi, shwili sika Malandisa. Lwandle aluwelwa, liwelwa zinkonjane ngoba zona ziphapha phezulu. Bathi bayayi vuma, beyivuma ngo nyezi. Nina bakwa Mhlamazane omuhle nenhlokwane yakhe, Nina abakwa nkasa eyakhasa phantsi okwe skhonyane, nina ena bhoboza olwandle olungena ndlena, nina abakwa lihwaqana enadla amahhashi abelungu, nina abakwa mnqamula nkungu kuvel’ langa. Nina enaphuza amanzi anduba ukwela umtaka Jama, ewaphuza ewageza elibhekisa kwela kithi ka Zulu, Ndaba.  

  • Khumalo! Mntungwa, Mbulazi Omnyama, Nina KaBhej` ese Ngome, Nin` enadlu muntu nimyenga ngendaba, Nine nadla umuntu nimyenga ngendaba, Nin`enadla izimfe zimbili ikhambi laphuma lilinye, Lobengula ka Mzilikazi, Mzilikazi ka Mashobanana, Shobana no Gasa ka Zikode, Zikode kaMkhatshwa, okhatshwe ngezind izinyawo nangezimfushanyana, Umkhatshwa wawo Zimangele, Unyama yentini yawoZimangele Mabaso owabas entabeni kwadliwa ilanga lishona, Bantungwa abancwaba, Zindlovu ezimacocombela, Nin`abakwaMawela  owawel` izambezi ngezikhali, Nin`abakwa Nkomo zavula inqaba, ngezimpondo, Kwelase Ngome zahamba, Nin enalukudla umlenze kwa Bulawayo, Mantungwa Alihlaza, Mantungwa Amahle, Bantwana benkosi,Nina bakwa Ntokela, Inkubele abayihlabe ngamanxeba,' Abakhule ngezinyawo, ezimfishanyane, nezimaqhukulwana, inyanga abathe bethi ifil uZulu kanti isiyetheswe, Yetheswe ngo Nyakana ka Mpeyana, uBando abalubande balushiye uzulu, Untshintsintswi ka Noyanda no Ndaba, unkone evele ngobuso emdibini, Ndabizitha, Maqhawe amakhulu!  

  • Mntungwa,mbulazi,mzilikaz ka mashobana,duba ndlela.izindlov' ezihle ezidla bantu ziba yenga ngendaaba.amabulala mbiza,abulala umgegedlanaathi "yeyeni siwubulele umgegedlana"

Surnames