By: andile hawes abaKwaGoba mabezithakazela Jangaza!! Mbambo, Mcengelele Sicubi asosiwa siyaphekwa ongayitholanga useyothola umsobho Nina enimdayi ngamibili ONjomane kaMgwajo (abanye bafaka) Amacekethe anyawo zimhlophe, anjengezihlabathi zolwandle, Omageza ngobisilwenhlunu, Omsunu usedolweni, ulubolo luseduze kwenkabi Nozulu!! abanye bathi Sihlephu!!!, Ndayi !! njalonjalo oHawes oGoba abazalwa uMbambela Goba owashintsha waba uJoel Hawes ngenkathi bekhetha impilo entsha eyagcina isibizwa ngokuthi implilo yokukholwa kwase kuvela isizwe samaKholwa kodwa esingakwazanga ukuzimela ngenxa yempikiswano kubaphathi bezwe. Lapho miningi imindeni eyayikhona kulesizwe njengo Mhlongo abashintsha baba oChampion, oSeme baba o Isaac, oNene baba oAnderson, Makhanya baba o Adam kanye nabanye abangazange bakhetha isibongo sesingisi njengo Khabonina kaDube waba u James Dube kepha indlu yakubo yaqhubeka yaba uNgcobo lamaQadi aseMvoti angaphansi kwenkosi uMqoqi Ngcobo manje. Atholakala ngaphansi kwentaba Inanda (Pleasant Place) abakwaGoba abazange babanaNkosi baziwa ngokuthi amaQamana labo bakaNgcobo abehla ngomzungulu baba nenkosi yabo, baziwa ngokuthi amaQama nankaya lapha Kwa Swayimane. NgokoMlando izimu (ancestor) labantu bakaGoba abangaphansi kwamaQadi laziwa ngokuthi Thinelwa kaNgodoma / Ngothoma. Izindlu ezaziwayo emaQadini indlu kaSihlephu lona owalanda uMqhawe ngenkathi amaqadi engafuni u Madlukana. Badlukana owabe eyibambela emvakokukhothama kweNkosi uDabeka, ngenxa yesihluku sikaDingane, owahamba noMshungu kaMome wakwaNgidi, ekaManzini noVengeni esikebheni, ekaNondabuya eMkhumbane lakwakhiwe khona isikole UMqhawe, ekaMbiyane eseNanda Glebe koThulisizwe Goba, eka Makhewe koMgqabulabeshu uMadoda Goba, ekaMhlanyeni nekaMngungulu lapha koDumisani Goba eMkhukhuze, neka Thomas Hawes uyisemkhulu Ka Mfundisi Professor Bonganjalo Goba, nekaBenjamin Hawes owabe ewuMfundisi eThaphamasi Mission nekaGobishinga lapha eNsimbini neka Sambana engaseNoodsberg,nekaMmeli ngakwaThoyane emfume, nekaSidlankunzi laphaya eNcwadi ko Selby Goba umsakazi owaziwa ngelika Goba Msenge udliwe zimbuzi kanye nabanye abaya eKapa. Share
By: andile hawes
abaKwaGoba mabezithakazela Jangaza!! Mbambo, Mcengelele Sicubi asosiwa siyaphekwa ongayitholanga useyothola umsobho Nina enimdayi ngamibili ONjomane kaMgwajo (abanye bafaka) Amacekethe anyawo zimhlophe, anjengezihlabathi zolwandle, Omageza ngobisilwenhlunu, Omsunu usedolweni, ulubolo luseduze kwenkabi Nozulu!! abanye bathi Sihlephu!!!, Ndayi !! njalonjalo oHawes oGoba abazalwa uMbambela Goba owashintsha waba uJoel Hawes ngenkathi bekhetha impilo entsha eyagcina isibizwa ngokuthi implilo yokukholwa kwase kuvela isizwe samaKholwa kodwa esingakwazanga ukuzimela ngenxa yempikiswano kubaphathi bezwe. Lapho miningi imindeni eyayikhona kulesizwe njengo Mhlongo abashintsha baba oChampion, oSeme baba o Isaac, oNene baba oAnderson, Makhanya baba o Adam kanye nabanye abangazange bakhetha isibongo sesingisi njengo Khabonina kaDube waba u James Dube kepha indlu yakubo yaqhubeka yaba uNgcobo lamaQadi aseMvoti angaphansi kwenkosi uMqoqi Ngcobo manje. Atholakala ngaphansi kwentaba Inanda (Pleasant Place) abakwaGoba abazange babanaNkosi baziwa ngokuthi amaQamana labo bakaNgcobo abehla ngomzungulu baba nenkosi yabo, baziwa ngokuthi amaQama nankaya lapha Kwa Swayimane. NgokoMlando izimu (ancestor) labantu bakaGoba abangaphansi kwamaQadi laziwa ngokuthi Thinelwa kaNgodoma / Ngothoma. Izindlu ezaziwayo emaQadini indlu kaSihlephu lona owalanda uMqhawe ngenkathi amaqadi engafuni u Madlukana. Badlukana owabe eyibambela emvakokukhothama kweNkosi uDabeka, ngenxa yesihluku sikaDingane, owahamba noMshungu kaMome wakwaNgidi, ekaManzini noVengeni esikebheni, ekaNondabuya eMkhumbane lakwakhiwe khona isikole UMqhawe, ekaMbiyane eseNanda Glebe koThulisizwe Goba, eka Makhewe koMgqabulabeshu uMadoda Goba, ekaMhlanyeni nekaMngungulu lapha koDumisani Goba eMkhukhuze, neka Thomas Hawes uyisemkhulu Ka Mfundisi Professor Bonganjalo Goba, nekaBenjamin Hawes owabe ewuMfundisi eThaphamasi Mission nekaGobishinga lapha eNsimbini neka Sambana engaseNoodsberg,nekaMmeli ngakwaThoyane emfume, nekaSidlankunzi laphaya eNcwadi ko Selby Goba umsakazi owaziwa ngelika Goba Msenge udliwe zimbuzi kanye nabanye abaya eKapa.